Izinganekwane

izinoveli ezibhalwe ngumuntu .

Izinganekwane izingxoxo ezixoxelwa izingane. Zixoxwa umama wezingane noma ugogo. yingxoxo exoxwa ngolimi olwejwayelekile ephathelene ngezehlakalo zabalingiswa nezehlakalo zabalingiswa okungaba [[Abantu|abantu] ngokomlomo.Izinganekwane izindaba ezazixoxwa emandulo futhi ezisaxoxwa namanje. Kuthiwa izinganekwane kuqedwa ngazo isithukuthezi futhi ukuxoxwa kwazo kwakungekhona ukuba zikholeke kumbe kine yizindaba ezingamaqiniso, kepha zazixoxelwa ubumnandi nje nokuzijabulisa njengoba kwashiwo.Maputi sandwichTheIgama elithi "Izinganekwane" liqoqela ndawonye zonke izindatshana ezazixoxwa kudala. Uma sezihlolisiwa kahle lezi izindatshana sithola ukuthi zehlukahlukene. Kukhona ezixoxa ngobuhlakani kumbe ngobuqhawe obuthile, ezinokuthile okusamlando kepha okungacacile kahle. Lezi zibizwa ngokuthi ziyimiZekeliso. Bese Kuba nalezi ezivame ukuthinta inkolo yabantu njengokuvela kokufa kwabantu nje esikuthola endabeni yonwabu nentulo. Zona zibizwa ngeNganeko. Bese kube nezinsumansumane.

Umlando

Ngokwesiko izinganekwane zabe zixoxwa kusihlwa ngenxa yenkolo yokuthi uma zixoxwa emini abantu bazomila izimpondo. Izinganekwane zivame ukuba zixoxwe ngumuntu omdala okuvamiuse ukuba ngugogo noma umkhulu oxoxela abazukulu bakhe. Ngenxa yokuthi zazidluliselwa ngokomlomo abasunguli bazo a

Izinganekwane zingahlukaniseka kathathu okubalwa kuzo lezi: Inganeko, Umzekelo kanye nensumansumane.

Inganeko

Uhlobo lwezinganekwane ezivame ukuthinta inkolo, iphathe uNkulunkulu noma imimoya. inhloso yayo ukuveza imvelaphi yezinto ezithile, imvamasa yamukelwa njengeyiqiniso.Ngaphandle kokuncika enkolweni, inganeko ingabuye ichaze ngokuvela kwezinto njengabantu, ukufa kanye nokunye. Inganekwane eyaziwa kakhulu ewulolu hlobo yileyo ekhuluma ngoNkulunkulu ethuma unwabu ukuba lithuma abantu ngeke bafe. Wathuma intulo ukuthi iyotshela abantu ukuthi bazofa. Intulo yafika kuqala ngenxa yokuthi ihamba ngesivinini. Kulenganekwane kuveza ukuthi kusukelaphi ukufa kwabantu.

Umzekeliso

Uhlobo lwenganekwane ethinta isigameko esiqanjiwe kokunye esake senzeka ngempela. Ithinta abantu abake baphila, kokunye ithinte izindawo ezaziwayo, kuye kufakwe into engakholeki ukuthi yenzeka. Ivame ukugxila emasikweni nasekunqubweni yaleso sizwe.Izindkikmba ezitholalaka nagaphansi kwemizekeliso kubalwa izimpi kanye nokufuduka kwezizwe.

===InsumansumaneUhlobo lwenganekwane evama ukuxoxwa uma kuchithwa isizungu. Ngokujwayelekile lezin zinganekwane zisuke ziqanjiwe kodwa ziba nesifundo esithile. Ziba nabalingiswa okungaba abantu noma izilwane eziziphathisa okwabantu. Zivama utkuthinta izinto nje ezejwayelekile kubantu njengomon, ukungathemebeki, ubuqili, ukungalaleli kanye nokunye.

Imithombo