Ukulembuluka

Izinga isithako esingaphansi kwengcindezi esifacazeka ngalo phambi kokuhluleka

Ukulembuluka kuyisimo sobunguxa esivame ukuchaziswa ngokuthi ukunwebeka kwesithako (isb. intambo).[1] Ngokwenzululwazi yezithako, ukulembuluka kuchasiswa ngezinga isithako elingamelana nokufacazeka ngaphansi kwengcindezi ngaphambi kokugiba uphondo.[2][3] Ukulembuluka kuyinto ebalulekile kwezokungcikisha nasekukhiqizeni. Kuchasisa ukufaneleka kwesithako emigidingweni ethile yokukhiqiza Kanye nomthamo waso wokumunyunga ukugidlazwa kobunguxa.[4] Ezinye izinkimbi ezvame ukuchaziswa njengezilumbulukayo zihlanganisa iMbedu nosokhele, kuyilapho iKhazi kuyinkimbi elembuluka kakhulu kunezinye uma icwebile.[5] Kodwana, akuzona zonke izinkimbi ezibuekana nokuhluleka Ukulembuluka njengoba ezinye kungathiwa zibhekana > brittle failure like cast iron. Izintshogcezi ngokuvamile zingabhekwa njengezithako ezilembulukayo njengoba zivuma ukufacazeka.[6]

ukuhlola ubuphakuphaku besiqungo sesAlumbe-umGethe neSiphemba
Ukuhlolwa kobuphakuphaku bensimbi ecanduliwe buveza Ukulembuluka.

Ukugoboyeka, kuyisimo esifanayo sobunguxa, esaziwa ngekhono lesithako lokufacazeka kalula ngaphansi kwengcindezi ebuthazayo.[7][8] Ngokomlando, izithako zazithathwa njengezigoboyekayo Uma kwakulula ukuzicandula.[1]

Imithombo