IGciwanyane

liyisenzi esithelelanayo esisimoncinci esizinyalisa kuphela ngaphakathi kwamangqamuzana aphilayo eziphili

IGciwanyane liyisenzi esithelelanayo esisimoncinci esizinyalisa kuphela ngaphakathi kwamangqamuzana aphilayo eziphili .Amagciwanyane lithelela zonke izinhlobo zempilo, kusuka ezilwaneni nezimila kuya kuziphilincinci, kuhlanganise nezinungwana nezingunazane. Kusukela mhla isibhalwa sikaDimitri Ivanovsky ngowe-1892 sichazisa ngegciwane elingesona isinungwana elalithelela izimilo zogwayi kanye nokuvubukulwa kwegciwane likagwayi lamalobo nguMartinus Beijerinck ngowe-1898, sekube namagciwanyane ayizi-9,000 nokweqa achaziswe ngokuningilza ezigidini zezinhlobo zamagciwanyane asemvelweni. Amagciwanyane atholakala kuwo wonke amaxhaxhamvelo(ecosystem) emhlabeni futhi ayisiphili esanda kunazo zonke eziphilayo. Ukufundwa kwamagciwanyane kubizwa ngokuthi umChazagciwanyane, okuwumkhakha womchazampilonci.