IMiyonzi yeNzubawonga

amaza wenkundla yobunzubawonga

Kumchazandalo, imiyonzi yenzubawonga ihlanganisa amaza wenkundla yenzubawonga, okuyiwona asabalala emkhathini futhi athwala isidlakathi senzubawonga.[1] Ahlanganisa amaza omsakazo (radio waves), amachadaza (microwaves), insibomvu (infrared), isokhanya (light), uzukhwithi (ultraviolet), amagu X (X-rays), nemisebentathu (gamma rays). Wonke lamaza ayingxenye yomungco wenzubawonga (electromagnetic spectrum).

IZa lenzubawonga eliluthuzeke ngokuhela lidikiza echophweni -Z, kanye nobuzuba ku-E nokuqombotha ku-B okubonisa ubuwonga


Imiyonzi yenzubawonga ihlanganisa amaza wenzubawonga, okuyimicikazo ehlanganisiwe yenkundla yamazuba neyewonga. Imiyonzi yenzubawonga noma amaza wenzubawonga adaleka ngenxa yokuguquka kwenkathi yenkundla yamazuba neyewonga. Ngokuncika ekuguqukeni kwenkathi nasemandleni aphehliwe, amabangacuphi ahlukene umungco wenzubawonga ayakhiqizeka. Elinyeni (vacuum), amaza wenzubawonga ahamba ngejubane lokukhanya, oluphawulwa ngohlamvu C. Ensizeni enhlobonye, neyesihlukosimbe (isotropic), ukucikaza kwezinkundla zombili kuqombothile kwenye nenye, futhi ziqombothile ohlangothini lwempekumpeku nolokusabalalisa amaza, futhi kwakha iZa elivundlile (transverse wave). Indawo yeZa lenzubawonga ngaphakathi komungxo wenzubawonga awunakugagulwa ngomjinge walo wokucikaza noma ibangacuphi lalo. AmaZa wenzubawonga omjinge ohlukile abizwa ngamabizo ahlukene njengoba enemithombo ehlukene kanye nemithelela ehlukene othweni. Ngokohlelo lomjinge okhulayo nebangacuphi elehlayo ahlelwe kanje: amaza onsakazo, amachadaza, imiyonzi yensibomvu, isokhanya, imiyonzi yozukhwithi, amagu -X nemisebentathu.