Umkhiqizi wesiqoshwa

lowo oqondisa futhi aphathele ukuqopha kweciko lonculo

Umkhiqizi wesiqoshwa noma Umdidiyeli wesiqoshwa, ungumholi wobuciko nobunyoninco bomsebenzi wokuqopha, olawula isikhathi se-''studio'' nokuqeqesha abaculi, futhi ezinhlotsheni ezidumile ngokuvamile ukhiqiza umsindo nesakhiwo sengoma. [1] [2] [3] Umkhiqizi wesiqoshwa , noma umdidiyeli, ufaniswa nomqondisi wefilimi noma umqondisi wobuciko. Umkhiqizi oyinhloko (executive producer), kolunye uhlangothi, wenza inkebengo yokuqopha yenzeke ngokuba umhwebi, bese unjiniyela wesilalelwa ugidinga ezobuchwepheshe.