Indwalazo

ubungcweti obufefenyekwa yisiCikizi

Indwalazo ingubungcweti obufefenyekwayo obusebenzisa isithungathi-mumo kanye nomboniso oseduze neso weqhwibintathu ukunikeza umsebenzisi umuzwa wokucwila endwalifeni. Amahlelokusebenza wendwalazo ehlanganisa awokuzijabulusa, awezemfundo ( njengowokuqeqeshwa kwezokwelapha nakwezempi) kanye nawezokuhweba (afana nawemihlangano yendwalazo). Ezinye izinhlobo ezikhethekile zobuchwepheshe benkobo yendwalazo zihlanganisa ingempela elenezelwe, nengempela elididiyelwe, ezibizwa ngokuthi ingempela elijijiwe, nakuba izincasiselo zishintsha ngenxa yokufufusa kwalemboni.

Umgidingi olawula i-The Virtual Interface Environment Workstation (VIEW) kwa- NASA Ames

Okwamanje, izinhlelo zendwalazo ezivamile zisebenzisa iziqomondo zendwalazo noma Izimo ezivezwa ngobuningi ukuze ziphehle imifanekiso yoqobo, imisindo yangempela nezinye izintshwayo ezishukumisa ukuba khona komsebenzisi endwalifeni. Umuntu osebenzisa izinsiza zendwalazo uyakwazi ukuthi abone izinto ezimzungezile ezweni elinomfiyiwe, ahamba hambe kulo, futhi ananane nolwangu noma Izinto zendwalazo. Lomthelela uvame ukubangwa iziqomondo zendwalazo eziqukethe isigcogco esinombukiso (head-mounted display) esinesihenqo esincinyane phambi kwamehlo, kodwana nomthelela ungadalwa nangamagumbi eklanywe ngokukhethekile anezihenqo eziningana ezinkulu. Indwalazo ivame ukuhlanganisa isibikemphinda senzwakalo (auditory) nombukiso, kodwana nezinye izinhlobo zemizwa ziyafakwa kanye nomazinkintshela ophoqiwe ngobuchwepheshe bemizwa.

Izinhlobo nezindlelasu

Umcwaningi wenhlangano yomkhathinga yaseYuropho, eJalimani, efake isigcogco sendwalazo ephethe isilawulimdiki, ebonisa indlela osomkhathi abazosebenzisa ngayo Indwalazo esikhathini esizayo lapho beziqeqesha

Enye indlelasu indwalazo efezekiswa ngayo ibizwa indwalazo efefenyekwayo. Ngokwesibonelo, izifefenyeki zokushayela, zenza umshayeli abe nomuzwa wokushayela isithuthi ngokoqobo ngokubikezela umdiki wesithuthi obangelwa igalelo lomshayeli nesibikemphinda sikangizosho ongumboniso, umdiki nenzwakalo yomshayeli ezihambisanayo.

Isondoleze lakwa-Omni lisetshenziswa engqungqutheleni yendwalazo
Igumgedlela lase-Missouri libuka esigcogcweni esifakiwe khanda sendwalazo lapho licijwa khona e-Fort Leonard Wood ngonyaka wezi-2015.

Umlando

I-View-Master, isifefenyeki esinguMahlolimifanekiso, esethulwa ngowe-1939

Ukuthuthukiswa kwezibon'imifanekiso enkathini yezinguquko zobuciko kwelaseYurophu kanye nomahloli'mifanekiso (stereoscope) owaqanjwa nguMnu. Charles Wheatstone, kokubili okwandulela indwalazo.[1][2][3] Amaphatho wokuqala womsukamqondo wanamuhla wendwalazo aqhamuka nenganeko yenzululwazi.

Imithombo