Ingwevamdiki

Ingwevamdiki ukungabela kwezinto ezidikizayo ukuba zihlale zinyakaza, nezinto eziphumule zihlale ziphumule, ngaphandle uma kunesiphoqi esibangela ukuba ijubane noma ukuqombotha kwazo lezo zinto kuguquke. Ingwevamdiki iyingxenye yezimiselo eziyisisekelo zomchazandalo wakudala, esichaziswa nguIsaac Newton eMthethweni wokuQala woMdiki (owaziwa ngokuthi Isimiselo seNgwevamdiki).[1] Ingenye yezibonakaliso eziyinhloko zesisindo, okuyisakhi somngakonani esiwumnyombo wezimiso eziphathekayo.[2] UNewton wabhala wathi:[3][4]

UMTHETHO I. Konke okuyinto kubhekakade lapho kusesimweni sokunganyalazi, noma lapho kuhamba emgqeni oqondile, ngaphandle uma kuphoqwa ukuba kuguquke leso simo yiziphoqi ezinethonya.|author=Isaac Newton|title=Principa|source=Translation by Cohen and Whitman, 1999

Encwadini yakhe yonyaka we-1687 ebizwa Philosophiæ Naturalis Principia Mathematica, UNewton wachasisa ingwevamdiki njengesiphoqi:

INCASISELO III. Lokho okuyi- vis insita, noma isiphoqi esingaphakathi kotho, kungamandla okugweva zonke izindikimba, okuthi uma zisenawo, ziqabave ukubhekakade ngawo kuleso simo ezikuso, kungaba isimo sokunganyakazi noma sokudikiza ngokungaguquli ziqombola emgqeni oqondile.[5]

Imithombo