Isiqavithi

inhleleliso efefenyeka ingxoxo

Isiqavithi siyihlelokusebenza elisetshenziselwa ukuqhuba izingxoxo zokuqavitha kuxhakaxholo ngomqhafazo noma umqafazo-nkulumo, esikhundleni sokuxoxa nomuntu ngokuqondile. Izinhlelo zesiqavithi, ziklanyelwe ukufefenyeka ngokugculisayo indlela umuntu angacondoza ngayo engoxoxweni, futhi ngokuvamile zidinga ukulungiswa nokuvivinywa okuqhubekayo, futhi eziningi ezikhiqizwayo kusenzima ukuba ziqavithe ngokuqephuza, kuyilapho kungekho neyodwa eqoqode indinganiso yovivinyo luka-Turing.

Isiqavithi esiwumsizi oyindwalazo
isiqavithi esibizwa ELIZA sangowe-1996